Ziningi izifo esizithola ngokofuzo kubazali bethu kanye nakogogo nomkhulu bethu. Kuncane noma akukho esingakwenza ukugwema lezi zifo.
Uma singadli ukudla okunomsoco nalapho singayinakekeli imizimba yethu zingasingena lezi zifo.
Lezi zifo kuthiwa yizifo ezibangwa yindlela esiphila ngayo.
Leli bhukwana liqukethe ulwazi ngezinto ongazenza ukugwema lezi zifo.
Khumbula umzimba ungowakho. Impilo yakho isezandleni zakho. Ngakho zinakekele.
Leli bhukwana elithi Ukuhlala ngokuzivocavoca ukuze uphile kahle lingelinye kumabhukwana awuchungechunge.
Uma sihlala ngokuzinakekela, sizohlala siphile kahle engqondweni nasemzimbeni. Ukugcina umzimba nengqondo yethu iphilile sidinga ukuhlala ngokuzivocavoca.
Iningi lethu liphila impilo enzima neyokuba matasatasa okwenza sibe nesikhathi esincane sokuphumula. Le mpilo esiyiphilayo yenza ukuthi sibe ngabantu abakhathele nabahlala bekhathazekile nokwenza ukuthi imizimba yethu izwele.
Kuleli bhukwana: Ukuhlala ngokuzivocavoca ukuze uphile kahle, sibheka ukuthi ukuzilolonga nokuzivocavoca umzimba kungasisiza kanjani ukuba sibe ngabantu abaphile kangcono.
Le ngubo ikwenela kahle Fezile futhi ikwenza ubukeke unomfutho. Pic.
Okusempeleni angizizwa neze nginomfutho kulezi nsuku bengisebenza kanzima. Ngifisa engathi ngabe bengingezanga kulephathi kusihlwa nje. Pic.
Kodwa uma ususephathini uzozizwa ngendlela ehlukile kakhulu. Ungaze uzitholele owesilisa ozomthanda nozuhlala uphupha ngaye. Pic.
Yebo Fezile, unenhlanhla yokungabi nenkinga yomzimba omkhulu njengami, njengoba ngisebenza ehhovisi ngiyahlala nje usuku lonke, ngizibona ngilokhu ngikhuluphala ngiya phambili. Pic.
Yebo, yiyona ndlela wonke umuntu angazigcina ngayo ephilile futhi ebukeka kahle. Ngemuva kwamasonto ambalwa okuzivocavoca ngizizwa ngiphile kahle futhi sengizizwa nginomfutho othe xaxa. Pic.
Anenze nina nobabili asifuni thina ukufika sekwedlule isikhathi ephathini. Pic.
Ngiyakuthokozela kakhulu lokhu okwenzekayo futhi kuyindlela yokuzivocavoca sengizizwa ngingcono kakhulu! Pic.
Ukuvocavoca umzimba kusiza abantu ekutheni bakwazi ukwedlulisa lezo zinto ezibaphethe kabi emoyeni. Senginqume ukuthi impilo yami isingathwe yimi qobo. Ngihamba ibanga elingamakhilomitha amahlanu nsuku zonke, kokunye ngiyaye ngihambe ngisheshe ngenzele ukuthi umzimba uthole ukunyakaziseka kangcono. Pic.
Ukudansa nakho kuyindlela enhle yokuzivocavoca kanti ngiyaye ngizwe umzimba wami engathi uncipha ngemizuzu Kumele ngihlale ngikwenza njalo. Pic.
Ngike ngaya kudokotela eyongihlola wangitshela ukuthi ukuzivocavoca kuyasiza ekutheni umuntu agweme izifo eziningi. Pic.
Yingani sonke singazivocavoci ndawonye. Singakhetha ukuzivocavoca ngezindlela ezehlukene kulelo nalelo sonto, njengokuhamba, ukubhukuda, ukugijima kanye nokudansa. Pic.
Uma sizivocavoca ndawonye lokho kuzosiza ekutheni sikhuthazane ngabanye. Pic.
Ngizoqala ngokuchaza ukuthi kwenzekani emzimbeni wakho uma uzivocavoca nokuthi ukuzivocavoca kungakusiza kanjani. Uma uzivocavoca njalo uzoqala ukubona umehluko emzimbeni wakho ngemuva kwamasonto ambalwa.
Umzimba womuntu wakhiwe ngendlela okungelula ukuyiqonda kalula. Wakhiwe ngamathambo, izicubu, ubuchopho, umgudu wemizwa, umgudu wokugaya ukudla kanye nokunye okuningi. Ukuze imizimba yethu isebenze kahle idinga ukuthi siyinakekele.
Ukuzivocavoca ngenye indlela yokunakekela umzimba. Uma sizivocavoca imizuzu engamashumi amathathu njalo seqise usuku, asizugula njalo kanti sizohlala sibukeka futhi sizizwa siphilile. Asithole ukuthi yingani kunjalo.
Igazi lithwala i-oksijini namandla likuse ezicutshini zomzimba.
Izicubu zidinga i-oksijini kanye namandla ukuze zisebenze kahle.
Kwenzeka izinto ezehlukene emizimbeni yethu lapho sizivocavoca. Igazi limpompeka masisha okwenza ukuthi i-oksijini namandla kufinyelele masisha ezicutshini. Izinga lokusebenza kwenhliziyo namaphaphu nalo liyenyuka kanti lezi zithumela i-oksijini ngokushesha. Umzimba wakho udinga i-oksijini ukuze usebenze kahle.
Ukuzivocavoca kuqinisa izicubu kwenze kube lula ukuthi ziphindaphinde ukunyakaza okuyindlela ethile. Izicubu eziqinile ziyisebenzisa kangcono i-oksijini.
Uma sizivocavoca, ubuchopho bukhipha amahomoni adambisa izinhlungu naqeda ixhala abizwa ngama-endorphins. La mahloni asebenza njengezakhi zemvelo eziqeda ingcindezi. Akwenza uzizwe uphilile futhi unomdlandla. Umzimba ophile kahle wenza nengqondo iphile kahle!
Zivocavoce ukwenza ngcono impilo yakho!
Ukuzivocavoca nokuhlala ngokunyakazisa umzimba kuzokwenza impilo yakho ibe ngcono.
nokukhathala nokucasuka kalula ingcindezi engqondweni nokungazethembi ukuphakama kwegazi emithanjeni/isifo sikashukela/isifo samaphaphu ukuba nomzimba omkhulu ngokweqile ezithinta ukuya esikhathini eziphathelene nokukhula eziphathelene nokuphazamiseka ekusebenzeni kwengqondo nasekuphathekeni kabi emoyeni.
Ngizizwa ngiphile kahle ngoba ngiwumuntu obehlala ngokuzivocavoca impilo yami yonke.
Abantu abadala bavama ukukuthola kunzima ukuhamba amabanga amade nokuphakamisa izinto ezincane. Lokhu yingoba imizimba yabo seyaqina (akulula ukuba bagobe). Ukuhlala njalo ngokuzivocavoca kungasiza ukwenza ngcono impilo yabantu abadala. Labo ababehlala ngokunyakazisa umzimba besakhula, bavama kuphila kangcono lapho sebekhulile. Lokhu kuchaza ukuthi ziningi izinto abakwazi ukuzenza. Kanti kulabo ababekunqena ukuzivocavoca besebancane akusho ukuthi sebeshiywe yisikhathi, basangaqala ukuzivocavoca ngokuhamba, bagibele nezitebhisi, njll.
I-osteoporosis ("isifo sokuthamba kwamathambo") yenzeka lapho amathambo emzimbeni wakho eba ntekenteke, ephuka kalula bese ethatha isikhathi eside ukuphola. Kuba nzima ukuhamba uma uvelelwa yile nkinga.
Ukuhlala ngokuzivocavoca nokudla ukudla okunempilo yizona ndlela ezimbili ezingakusiza ekugwemeni inkinga ye-osteoporosis.
Ukuphakama kwezinga legazi emithanjeni noma i-BP iyinto evamile kakhulu ukuphatha abantu eNingizimu Afrika. Uma uphile kahle inhliziyo yakho ipompa igazi emithanjeni ngesivinini esifanele namandla egazi afanele emzimbeni. Uma imithambo yakho iqina noma ivaleka, kuba nzima ukupompa igazi kuyona. Lokhu sikubiza ngokuphakama kwezinga legazi emithanjeni noma i-BP.
Ukuzivocavoca, ukudla ukudla okunempilo, ulawule isisindo somzimba wakho kanye nokuphuza imithi njengoba uyalelwe ngudokotela kungakusiza ekutheni ulawule i-BP yakho.
Uke wezwa ngesisho esithi: "Umzimba ophile kahle uhambisana nengqondo ephilile" Udinga ukudla ukudla okunempilo, unyakazise umzimba, uxoxe nabantu bese uzinika isikhathi esanele sokuphumula uma ufuna ukuba nengqondo ephile kahle?
Bambalwa abantu abakhuluma ngokuphila kahle kwengqondo ngoba kuyinto enzima ukuyiqonda kahle. Akekho umuntu othanda kuthiwe "uyahlanya", "udidekile" noma "usangene".
Sewuke wezwa kakhulu ngesimo sokuxineka. Kokunye sewuke waba naso lesi simo ngokwakho. Usuke unokuxineka uma uzithola kunesimo esikubangela ukuxineka.
Lokhu kungabangwa yisimo sasemsebenzini noma sasekhaya. Kungenzeka ube nenkinga yokwenza umsebenzi wakho ngendlela efanele noma mhlawumbe awunamali yokondla abantwana bakho. Lokhu kwenza kube nokuxineka empilweni yakho.
Ingcindezi iphazamisa umzimba, ingqondo kanye nomphefumulo wakho. Ungazithola uphathwa yikhanda, uhlale ukhathele, uphathwe wubuhlungu bomgogodla futhi uzithole ucasulwa wubala. Ukuzikhulula nokugwema le nkinga udinga ukudla ngendlela enempilo, uhlale ngokuzivocavoca, uxoxe nalabo abasondelene nawe bese uzinika isikhathi esanele sokuphumula.
Abantu abaningi bahlala bekhathele ngaso sonke isikhathi ngoba basebenza kanzima. Ungathola besemsebenzini emini bese begada abantwana kusihlwa.
Kodwa, uma ukukhathala kungapheli kusuke, kunenkinga. Kuyenzeka ukhathale ngoba unezinkinga eziningi obona ukuthi angeke zixazululeke.
Ukukhathala kungaba wuphawu nokudana. Uma umuntu enokudana, uvama ukulahlekelwa yithemba. Lokhu kuyayiphazamisa impilo nomsebenzi wakho. Abantu laba nokudana ngesinye isikhathi bafisa ukuzibulala.
Qala ukwengamela impilo yakho. Vama ukuzivocavoca futhi uzinike isikhathi esanele sokuphumula! Ngisho noma ngabe kudinga uthathe abantwana uhambe nabo ngezinyawo ebusuku noma udlale nabo bephuze ukugeza kulungile. Mhlawumbe uzozizwa usungcono! Ungazizwa kuwuwena ophethe impilo yakho! Xoxa nabanye abantu ngezinkinga zakho ukuze kunciphe umthwalo owuthwele.
Ukuhlala usesimeni esihle impilo yakho yonke!
Ukuzivocavoca nokunyakazisa umzimba kubalulekile ukuze ube nomzimba nengqondo ephile kahle. Kodwa nokujabulela ukuzivocavoca nakho kubalulekile ngokufanayo. Ziningi izinto ozithokozelayo eziyingxenye yokunyakazisa umzimba. Wothi ngikwazise ngezinye zalezo zinto.
Ukuzivocavoca akumele kukwenze uze ukhiphe imali! Akusho ukuthi kumele uye ejimini, asikho futhi isidingo sokuthenga izimpahla ezikhethekile zokugqoka. Odinga ukukwazi wukuthi izindlela ezihlukene zokuzivocavoca ozikhethayo zizowusiza kanjani umzimba wakho. Lapho-ke usukulungele ukuthi ungaqala.
Lolu hlobo lokunyakazisa umzimba lusiza kakhulu ekusimamiseni inhliziyo namaphaphu. Ukuhamba, ukugijima, ukubhukuda, ukugxumagxuma weqa intambo, kanye nokudansa, konke kungena kuma-erobhikhi. Ukuhamba usheshe, ukugijima, ukubhukuda noma ukudansa, kwenza ukuthi uphefumule masisha negazi lakho lipompeke ngokushesha.
Uma lokhu kwenzeka umzimba wonke usebenza kangcono.
Uyadinga ukuthi uhlale unyakazise umzimba ngendlela yama-erobhikhi uma ufuna ukuhlala uphile kahle. Kumele uzivocavoce okungenani weqise usuku uchithe isikhathi esiyimizuzu engama-30. Qala kancane.
Ukuphakamisa izinto ezisindayo kwakha izicubu zakho. Ungasebenzisa nanoma yini enesisindo ekhaya - okungaba yithini lopende noma isitina. Ezikhungweni eziqeqeshela isisindo banempahla yokuzivocavoca esindayo emi ngezindlela ezihlukene futhi eshiyanayo ngobukhulu.
Abantu abaningi banyakazisa imizimba ngokuthi baphakamise izinsimbi bazivocavoce nangendlela yama-erobhikhi ukuze bahlale bephile kahle. Kumele uqikelele lapho uphakamisa izinsimbi ungazikhandli umgogodla. Lokho kungabangela ukuthi ulimale kunokuthi usizakale.
Uma useneminyaka yobudala engaphansi kwe-16, akumele uphakamise izinsimbi. Lokhu kungenxa yokuthi kulesi sigaba umzimba wakho usuke usakhula, kanti ukuphakamisa izinsimbi kungaphazamisa ukukhula kwakho. Dlala imidlalo yamabhola, ugxume, uzithokozise. Lezi yizona zindlela ezikufanele zokuzivocavoca.
lapho uqeda ukudla - umzimba usagaya ukudla kanti usebenzisa amandla ukwenza lokho.
lapho ugula - umzimba wakho uzama ukulwa kanzima nokugula. Kanti ukuzivocavoca kungasho ukukhandleka kwenhliziyo namaphaphu akho.
uma unesifo sikashukela, ukuphakama kwegazi emithanjeni i-BP, noma ukhuluphele ngokweqile, unezinkinga zenhliziyo, noma uzivocavoca okokuqala - udokotela / umelaphi / umhlengikazi wakho kumele akweluleke ngokuthi yiziphi izindlela onganyakazisa ngazo umzimba wakho.
kancane nangokuqikelela uma ukade wagcina ukunyakazisa umzimba - kumele uwunike isikhathi umzimba wakho wokujwayela lezo ndlela zokuzivocavoca ozithokozelayo!
dlala nabantwana bakho, geza imoto, sebenza engadini! Nalokhu kuyasiza kakhulu!
Kubalulekile ukufudumeza umzimba wakho ngaphambi kokuthi uzivocavoce. Lokhu ukwenza ngokuthi uzelule. Ukuzelula kukunikeza amandla, kwenza umzimba wakho uthambe ungaqini kuvimbela nobuhlungu bomgogodla. Kumele upholise umzimba ngokuzelula ngesineke lapho sewuqedile ukuwunyakazisa.
Abantu abakuqeqeshelwe ukuvocavoca umzimba bangakweluleka bakusize nasekukhetheni uhlelo olulungile lokuzivocavoca. Uma ungenayo imali yokukhokhela indawo yokujima, hlela nabangani bakho nibe yiqembu. Ukuzivocavoca kuthokozeleka kangcono uma nibaningi.
Ukudla kukunika amandla owadingayo ukuze uhlale unomdlandla futhi uphilile. Ngakho kunzima ukuthi umuntu angakhuluma ngokuzivocavoca nokunyakazisa umzimba kodwa angasho lutho ngokudla okumele ukudle.
Ukuphila ngendlela enempilo kusho ukuhlala ngokunyakazisa umzimba nokudla ukudla okunempilo. Kodwa kusho ukuthini ukudla ngendlela enempilo?
Ukudla kubalulekile ngoba kusinika amandla nezakhamzimba esizidingayo ukuze sihlale sinomdlandla futhi siphila.
Ukudla kwesintu kunempilo. Uma sikhuluma ngokudla kwesintu sibala ukudla okufana namabele, umbila, ubhontshisi owomile, imifino, izithelo zasendle, inkukhu, ubisi, inyama ebomvu kanye nesilinganiso esincane sikasawoti noma sikashukela.
Ukubambelela ekudleni kwesintu kungaba yindlela encomekayo yokuphila impilo enhle. Kodwa-ke isikhathi sesashintsha. Ezinsukwini zanamuhla abantu bathenga ukudla okulungiswa ngaleso sikhathi - okufana nenkukhu ethosiwe, amabhega kanye namazambane agazingiwe. Lokhu kudla kunamafutha kanti akuwulungele umzimba.
Yidla izilinganiso ezincane ezimbili noma ezintathu zokudla ngosuku.
Yidla isidlo sasekuseni. Lesi sidlo sizokunika amandla owadingayo ukuqala usuku lwakho.
Yidla izithelo eziluhlaza ezifana neziqathi, iklabishi, utamatisi kanye nezithelo. Zinikeza izakhamzimba eziningi uma zingaphekiwe.
Phuza amanzi usuku lonke.
Ungasisiza yini Dudu?
Ngisanda kuqala ukuzivocavoca. Mina nabangani bami sigijima sichithe imizuzu ephakathi kwe-10 ukuya kweyi-15 sizungeza indawo esihlala kuyo. Bonke bathi sebeqale ukuzizwa bengcono. Mina angingcono neze. Imilenze yami ihlala ibuhlungu. Ngiyaqhubeka nokugijima ngoba ngethemba ukuthi kuzoba ngcono uma sengijwayele. Kungabe kunjalo?
Uma usaqala ukuzivocavoca izicubu zingaba buhlungu. Lokhu kudalwa wukuthi umzimba wakho awejwayele ukunyakaziswa kanti usuke usazama ukwejwayela isimo esisha. Uma imilenze yakho ihlala ibuhlungu kube sekunamahlandla ambalwa okuzivocavoca osuwenzile kusho ukuthi kunokwenzeka ukuthi kukhona okungahambi kahle. Bonana nodokotela wakho ngaphambi kokuthi uqhubeke nokugijima nabangani bakho.
Uma nigijima emgwaqeni onetiyela, kwalokho kungawukhinyabeza umzimba wakho.
Umgwaqo onetiyela ulukhuni kanti umzimba uyakhandleka uma ugijima kuwo. Ngokuhamba kwesikhathi lokhu kungabanga izinkinga zemilenze nomgogodla ikakhulu uma ungafakile izicathulo ezifanele ezinyaweni.
Okungangcono wukuthola indawo enotshani noma enesihlabathi esithambile ongakwazi ukuhamba noma ugijime kuyona. Ukuzivocavoca kuhloswe ngakho ukusiza umzimba hhayi ukuwuhlukumeza.
Sekuphele iminyaka ngagcina ukuzivocavoca kanti ngifuna ukuqala manje. Nginqume ukuzivocavoca ngoba ngifuna ukunciphisa isisu sami esinonile. Zikhona yini izindlela zokuzivocavoca ezingangisiza?
Ungakwazi ukunciphisa isisu sakho ngokuzivocavoca ngendlela yama-erobhikhi nangokudla idayethi efanele. Le ndlela ibandakanya ukuhamba okukhombisa ukuzimisela, ukubhukuda nokudansa.
Uma uzwa impilo yakho isingcono, usungaqala izindlela zokuthowuna ezizokwenza isisu singene phakathi. Ukuthowuna ungakwenza ngezindlela zokuziqeqesha ezifuna amandla.
Ukuhlala njalo ngokuzivocavoca kuzokunika imiphumela emihle.
Manje sekumele ngabe kuningi osukwazi ngokuzivocavoca nokuthi kukusiza ngani! Asibone ukuthi ufunde kangakanani! Phendula imibuzo bese uqhathanisa izimpendulo zakho nezibhalwe esigabeni esingezansi.
Izicubu zidinga i-oksijini kuze zisebenze kahle.
Ukuhlala ngokuzivocavoca kanye nokudla ukudla okunempilo kunganciphisa amathuba esifo sokuthamba kwamathambo esiphinde saziwe nge-...
Ukuhamba, ukugijima nokubhukuduka yizindlela zokuzivocavoca okwaziwa ngama-...
Ukuzivocavoca ngokuphakamisa izinto ezisindayo kwakha...
Ukuzivocavoca ngendlela yama-erobhikhi kuqeda...
Ukuzifudumeza nokuzipholisa ngemuva kokuzivocavoca kuthiwa...
Ukudla esiningi kuyasuthisa kukunika namandla owadingayo lapho uzivocavoca.
